UJordaan usehoxile embangweni wesikhundla seFIFA

2017-03-07 16:00

Cape Town – UMengameli weSouth African Football Association (SAFA), uDanny Jordaan usehoxile ekungeneleni umbango wesikhundla sokuba yilungu lebhodi leFIFA okhethweni oluzayo.

Ngokombiko we-website ye-supersport.com, embikweni wakamuva ovela ku-CAF ngaphambi kwalolu khetho, kubalulwe uDanny Jordan, uChabur Goc kanye noKalusha Bwalya njengamagama amathathu abantu abebegaqele lezi zikhundla kodwa asebehoxile.

OLUNYE UDABA: I-SAFA isihlehlise ukumenyezelwa komqeqeshi omusha weBafana

Lesi sikhundla besibangwa abantu abathathu, okubalwa kubona uKalusha Bwalya, uMengameli weGhana FA, uKwesi Nyantakyi kanye noDanny Jordan.

Lokhu sekushiya u-Issa Hayatou, u-Ahmad Ahmad, u-Constant Omani, u-Lydia Nsekera, u-Kwesi Nyantakyi, u-Leodegar Tenga, u-Almamy Kabele, u-Hany Abo Rida, u-Tarek Bouchamaoui kanye noSidy Dialo njengokuphela kwabantu osekuzokhethwa kubo ezihlalweni ezehlukene zeFIFA.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...