UJele uyaxolisa ngokuboshwa kwakhe

2017-09-05 11:02

Johannesburg - Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uHappy Jele, usekuqinisekisile ukuthi uboshiwe nokuthi ube esededelwa ngebheyili ngokuhamba kwesikhathi.

NgoMsombuluko kubikwe ukuthi kuboshwe umdlali webhola lezinyawo ngecala lokugijima ngesivinini esingaphezu kwesivumelekile emgwaqeni.

Kubikwa ukuthi ubehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW 135i ngesivinini sika-223km/h endaweni ka-120km/h ngaseSandton ngoMsombuluko ekuseni.

Ubanjwe ngamaphoyisa omgwaqo eGauteng.

OLUNYE UDABA: Uthi ukulungele ukuthatha izintambo zokuqeqesha uMashaba

Lo mdlali ukhulume ngokuboshwa kwakhe nokuthi udedelwe ngebheyili.

Uphinde waxolisa kubalandeli nangokufaka igama lekilabhu ehlazweni.

Esitatimendeni esikhishwe kwi-website yeBhakabhaka, uJele uthe ‘uyavuma’ ukuthi wenze okuphambene nomthetho futhi uyaxolisa ngobudedengu.

Ujele kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi eRandburg ngoLwesibili ngokushayela budedengu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...