UJali uzodlala kwi-Uefa Cup okokuqala ngesizini ezayo

2017-06-12 12:29

Johannesburg – Umdlali wasesiswini weBafana Bafana, u-Andile Jali, uzodlala kumqhudelwano we-Uefa Europa Cup okokuqala ngqa ngesizini ezayo – ngemuva kweminyaka emithathu nohhafu edlalela iqembu laseBelgium.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iqembu lakhe, iKV Oostende, lisebenzise ithuba lokuvuselela inkontileka yakhe ngomunye unyaka, yize noma lo mdlali ubesenomuzwa wokuthi usekulungele ukudlala kumaligi amakhulu, kubika iCity Press.

Le kilabhu yakhe iphumelele ukuhlungelwa umqhudelwano we-Uefa Europa Cup, nokuzonika lo mdlali ithuba lokuthi abonakalise ithalente lakhe ebukwa abantu abaningi bese ethemba ukuthi amaqembu ahlukene azochazeka bese eyamsayina.

OLUNYE UDABA: UBenni McCarthy uzothulwa njengomqeqeshi weqembu lePSL

UJali utshele iCity Press eNigeria ukuthi kwale kancane nje ukuthi asayine neqembu laseNgilandi, iLeeds ­United ngesizini edlule, kodwa washaywa ukuba phansi kweBafana ohlwini lwe-FIFA (kuyimanje ingonombolo 65 emhlabeni) nokwenze sangaphumelela lesi sivumelwano futhi wangayithola nemvume yokusebenza eNgilandi.

Uphinde waveza nokuthi ucishe wasayina neqembu laseChina, kodwa isivumelwano sashabalala ngemuva kokuthi umnikazi weqembu adayisa inkampani yakhe, nokuholele ekutheni ikilabhu ibe nenkinga yezimali.

Kodwa-ke uJali akaphoxekile ngokuthi le mizamo ayiphumelelanga, wathi uzosebenza kanzima ukuze ezosayina nelinye lamaqembu aphezulu esikhathini esizayo.

Lo mdlali uthi useqala ukuyijabulela impilo yaseBelgium ngemuva kokulimala izikhawu eziningi.

Lo mdlali owayengaconsi phansi ku-Orlando Pirates, nobeseyamaniswa neMamelodi Sundowns muva nje, uthi ukubuyela ekhaya bekungesiyona into abeyifuna okwamanje.

Uthi angathanda ukuhlala e-Europe amanye amasizini amathathu ngaphambi kokuba abuyele ekhaya. 

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...