UJali usefuna ukulishiya iqembu laphesheya

2017-06-05 11:00

Cape Town – Umdlali weBafana Bafana ogijima esiswini u-Andile Jali angase ayishiye ikilabhu yaseBelgium iKV Oostende, ngokusho kwalowo obhekelele izindaba zakhe, uMike Makaab.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ubambe iqhaza elibalulekile kuleli qembu eligijima kuBelgian Pro League, walisiza ukuthi liqede endaweni yesihlanu kwiligi, laphinde lathola nesikhala sokudlala emidlalweni yokuhlungela umqhudelwano weChampions League.

OLUNYE UDABA:Umnikazi weqembu lePSL usabisa ngokubopha abathi liyadayisa

Kodwa-ke njengoba lo mdlali owayedlala ku­-Orlando Pirates esengene ezinyangeni ezingu-12 zokugcina zokuphela kwenkontileka yakhe kule kilabhu, uMakaab usetshele i-website yeSowetanLIVE ukuthi kunamakilabhu ase-Europe kanye naseNingizimu Afrika anentshisekelo yokusayina lo mdlali.

“Sibheke ukuhamba kwakhe,” umphathi kaJali, uMakaab, ubeke kanjalo.

“Sesike sathintwa futhi sekube nentshisekelo e-Europe naseNingizimu Afrika.

“Kodwa uma kwenzeka ebuyela eNingizimu Afrika kuzomele kube yisivumelwano esinemali ngoba manje usengumdlali onesipiliyoni osedlala njalo eqenjini lesizwe.”

Okunokuthi ilahlekelwe ngokuthi ahambe bese ejoyina elinye iqembu mahhala, i-Oostende ingase ikhethe ukumdayisa uJali, nokwasekusele kancane nje ukuthi aphothule isivumelwano neqembu eligijima ku-English Championship, iLeeds United, ngokuqala konyaka odlule. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...