UHunt uyayazi ingozi engadalwa uVilakazi
2016-10-01 15:28
Johannesburg - USibusiso Vilakazi udlale ngaphansi
kukaGavin Hunt iminyaka emithathu esakwiBidvest Wits, kodwa namhlanje lo
mqeqeshi uzobe efuna izindlela azomisa ngazo lo mdlali weMamelodi Sundowns.
Lamaqembu
azotholana phezulu kowamanqamu eMTN8 eMbombela Stadium ngo-17:00, ngemuva
kokuba uVilakazi ejoyine leli qembu ngoJulayi.
UHunt uthi ukubheka umdlali oyedwa kungabadalela inkinga ngenxa
yokuthi iDowns inabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu.
Funda nalolu daba: UTeko uthi bazifuna zonke izinkomishi kule sizini
“Useseqenjini elikhulu manje (uVilakazi), ubeseqenjini elincane
phambilini,” kusho uHunt.
Uyavuma ukuthi uVilakazi
uyingozi kodwa uthi ngeke bahlale becabanga ngaye kuphela ngoba bakhona nabanye
abadlali abayingozi, kubika iKikcOff.com.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24