UHunt uthi akasayicabangi eyokuvikela isicoco seligi

2017-11-22 19:01

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt akazixaki kakhulu ngokuvikela isicoco se-Absa Premiership kulandela ukungaqali kahle kwezakhe isizini.

Amathuba eWits okuvikela isicoco sayo sokuqala seligi abukeka emfiliba futhi njengoba ingasemsileni ngemuva kwemidlalo eyishumi.

Ama-Clever Boys ehlulwe okwesithupha ngesikhathi eshaywa yiMamelodi Sundowns ngo-2-0 ngoLwesibili ebusuku.

OLUNYE UDABA: UKomphela uyazi ukuthi uSuthu luyingozi

IWith isaqoqe amaphuzu angu-8 kuphela kuze kube manje.

"Ukuvikela isicoco? Oh, angiyicabangi leyo…Cha, cha, ngeke sizikhathaze ngakhulu ngalokho,” kusho uHunt.

"Sizozama ukuzikhathaza ngomdlalo olandelayo, ongoMgqibelo [neMariztburg United, ekuhambeni].

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...