UHunt ukhathazekile ngokudliwa yizembe

2018-01-08 14:04

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uyavuma ukuthi ompetha bakhathazekile ngokudliwa yizembe.

IWits isasemsileni kwilogi kulandela ukwehlulwa ngo-1-0 yiFree State Stars emdlalweni wokuqala wesigaba sesibili sesizini eBidvest Stadium ngoLwesihlanu.

"Kuyiqiniso ukuthi sikhathazekile. Sidumele, sinovalo. Siyazi ukuthi singcono kakhulu kunalokhu. Kumele siwine imidlalo noma ingayiphi indlela,” kusho uHunt.

"Kuzomele kubenemidlalo esiyiwinayo. Sekuphele imidlalo emine manje, siyehluleka ukushaya ngisho nelilodwa igoli, kumele engabe siwina ngenqwaba yamagoli.

OLUNYE UDABA: IBhakabhaka liwuqale kahle unyaka lishaya iBaroka FC

"Imidlalo enjengalena [owangoLwesihlanu] ngonyaka odlule sasiyinqoba ngo-5-1 kodwa manje asisakwenzi lokho. Asikwazi ukwehlulwa amathuba njengokuba senza nje.”

UHunt kodwa ugculisekile ngabadlali abasha abafana no-Edwin Gyimah noLehlohonolo Majoro, nangokubuya kukaSifiso Myeni, obebolekiswe kwiSuperSport United.

IWits inamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-15, kanti emdlalweni olandelayo izobhekana neSuperSport ngoLwesithathu (ngo-19:30).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...