UHunt ugcwele ukuzethemba ngaphambi komdlalo wabo neChiefs

2017-11-17 12:30

Cape Town - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uthi abafana bakhe bagcwele ukuzethemba kulandela umdlalo owandulela owamanqamu wangoMgqibelo weTelkom Knockout neKaizer Chiefs, yize Amakhosi etshengisa ifomu enhle ngaphansi kukaSteve Komphela.

IChiefs isidlale imidlalo emihlanu ingashaywa kuyona yonke imiqhudelwano kanti labo mpetha be-Absa Premiership bangasemsileni kumaqembu eligi kulandela ukungayiqali kahle le sizini.

Yize kunjalo, uHunt uthi izinto azibahambeli kahle ngenxa yokulimala kwabadlali abadlala ezindaweni ezimqoka, wathi nokho akanakungabaza ukuthi ezakhe zizodlala ibhola elincomekayo uma sezibhekene namaGlamour Boys.

OLUNYE UDABA: IWits isabise ngokuxosha uHunt

Utshele iSowetan Live wathi: "Abadlali bethu abamqoka balimele lokho kusho ukuthi sisazama ukuthola amadoda angu-8 noma angu-9 esizodlala ngawo size sijwayele, nokuyinto engakenzeki okwamanje.

"Yiyo leyo inkinga enkulu esibhekene nayo. Ngakho, uma usiqhathanisa neChiefs uyabona ukuthi izinto azisihambeli kahle kepha lokho ngeke kusidikibalise."

Lo mdlalo wangempelasonto uzodlalelwa eBidVest Stadium eGoli ngo-15:30, kanti womabili la maqembu alwela indawo kowamanqamu.

Emidlalweni wesibili ozoba ngeSonto, kuzotholana phezulu iPolokwane City neBloemfontein Celtic.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...