UHunt angeke ajahe ukuqalisa uMyeni umdlalo

2016-09-12 16:03

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uthi angeke aze ajahe ukufaka uSifiso Myeni eqenjini labazoqala umdlalo njengoba esebuyele kuleli qembu.

UMyeni ujoyine amaClever Boys sekuvalwa iwindi lokusayinisa abadlali abasha emva kwamasizini amathathu nohhafu ekwi-Orlando Pirates, nalapho afakwa khona ohlwini lwabadlali abazokhululwa emva kokushaya amagoli angu-17 waphinde wasiza emagolini angu-16 emidlalweni engu-130.

OLUNYE UDABA: UTinkler uthi kuzoba nzima ukuthola uSifiso Myeni

UHunt uvumile ukuthi ujabule ngokuthola umdlali osezingeni likaMyeni kodwa wagcizelela ukuthi kumele abe (uMyeni) sezingeni lozakwabo emva kokulahlekelwa yingxenye eningi yokuzilungiselela neziTshudeni ngaphambi kokuqala kwesizini.

“Akukho ukungabaza, u-Sifiso umdlali omkhulu,” utshele izintatheli. “Usedlale ngaphezu kwemidlalo engu-26 wonke amasizini futhi lokho kukhombisa ukuthi muhle.

Uqhube wathi basazomnikeza isikhathi uMyeni ukuze akwazi ukuba sezingeni lozakwabo njengoba efike kamumva wathi bazosebenza kwizinga lakhe lokulungela umdlalo bese bebona kusuka lapho. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...