Uhlawuliswe u-R50k uBenni ngokubiza unompempe nge'nkomo'

2018-01-11 14:01

EThekwini - Ikomidi lokuqondiswa kwezigwegwe seliveze ukuthi umqeqshi weCape Town City uBenni McCarthy uzohlawula ngokungaziphathi kahle, kubika iCitizen.

Ngo-Okthoba wangonyaka odlule ngesikhathi iqembu lakhe lishaywa ngo-2-1 bedlala ne-Chippa United, lo mqeqeshi wabiza uPhillip Tinyani ngenkomo.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngabe-PSL, uMcCarthy uzohlawula imali elinganiselwa ku-R50 000, yize inhlawulo yakhe ilengisiwe.

"UBenni McCarthy kanye neqembu lakhe i-Cape Town City babekwa icala yikomidi lePSL eliqondisa izigwegwe ngokungaziphathi kahle ngesikhathi uMcCarthy ehlasela uPhillip Tinyani.

"Lo mqeqeshi neqembu lakhe balivumile icala futhi bahlawuliswa imali engango-R50 000. U-R25 000 ulengisiwe kuze kuphele isizini ka-2018/2019," kusho abe-PSL ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:I-Ajax iqinisekise eyesivumelwano ngabadlali neChippa United

Leli komidi libuye lahlawulisa iqembu eliku-NFD iRoyal Eagles imali engango-R40 000 (u-R20 000 ulengiselwe isikhathi esingangezinyanga ezingu-12) ngokuhluleka ukuthumela uhlelo lwabo lwezokuphepha ngezinsuku ezinhlanu ngaphambi komdlalo wabo ne-University of Pretoria.

ÏMbombela United ithathelwe amaphuzu amathathu futhi yahlawuliswa u-R50 000 (u-R25 000 ulengiswe isikhathi esingangezinyanga ezingu-24) ngokudlalisa umdlali ongakulungele ukudlala uMxolisi Manyongo.

"Lokhu kwenzeka ngesikhathi leli qembu libhekene neTshakumatsha Madzivhadila. UMayongo usemiswe imidlalo emine.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...