UHlatshwayo uzidlele amahlanga kuma-awards abeBidvest Wits

2017-06-29 09:30

Cape Town – Ompetha abasha be-Absa Premiership, iBidvest Wits ngoLwesithathu babambe umcimbi wabo wokuklomelisa abadlali nobanjwa njalo ekupheleni kwesizini, nalapho isethenjwa somdlali weleli qembu, uThulani Hlatshwayo, sizidlele khona amahlanga, kubika iKickOff.com.  

IziTshudeni ziphakamise isicoco sazo seligi sokuqala ngqa eminyakeni engu-90 ngesizini edlule njengoba umqeqeshi weqembu, uGavin Hunt, eye walekelela leli qembu elizinze eGoli ukuthi ligcine lisithathile lesi sicoco.

OLUNYE UDABA: ISundowns ezingxoxweni nabadlali abathathu efuna ukubagcina

Ukaputeni weWits, uHlatshwayo, uye waklonyeliswa ngeqhaza alibambile ekuqiniseni udonga lwaleli qembu emuva, nalapho ewine indondo yePlayer of the Season kanye neyePlayers’ Player of the Season.

Khonamanjalo, uReeve Frosler  uwine indodo yeYoung Player award ngesikhathi uHunt ethule indondo yeCoach’s Award kuSifiso Hlanti.

Izindondo zeBidvest Wits ngo-2016/17:

Player of the Season: - Thulani Hlatshwayo

Players’ Player - Thulani Hlatshwayo

Golden Boot - Gabadinho Mhango (11 goals)

Young Player - Reeve Frosler

Coach's Award - Sifiso Hlanti

Chairman's Award - Buhle Mkhwanazi

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...