Ugubuzelwe yifu elimnyama umndeni womqeqeshi wamaJita

2017-12-13 16:00

Cape Town – Akasekho emhlabeni umama womqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika labangaphansi kweminyaka engu-20 ubudala.

UHelman Mkhalele lezi zindaba uzithole eseZambia nesikwati sakhe esidlala emqhudelwaneni weCosafa Cup.

Amajita asefinyelele esigabeni sowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano futhi abengakaze ehlulwe.

Umengameli we-SAFA uDanny Jordaan uthe uzitholile izindaba ngokudlula emhlabeni kukamama kaMkhalele.

OLUNYE UDABA: Welule inkontileka umdlali weDowns

UJordaan, ozolibhekisa eZambia ngoLwesine, uthe ukhulumile nalo mqeqeshi owayedlalela i-Orlando Pirates ngemuva kokuthola lezi zindaba ezimbi.

"UMkhalele ungitshele ukuthi ufuna ukuhlala nesikwati kuze kuphele umqhudelwano, bese ehamba ngoMsombuluko noma ngoLwesibili.

“Uthi umfowabo omdala osekhaya angabe eqhubeka namalungiselelo omngcwabo,” kusho uJordaan.

Umama kaMkhalele udlule emhlabeni eneminyaka engu-83 ubudala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...