Ugculisikile umqeqeshi wePirates ngendlela abadlale ngayo

2017-09-20 14:01

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ugculisekile ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo ngesikhathi beshaya iCape Town City.

IPirates ishaye iCitizens ngo-1-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngegoli likaThabo Qalinge alivalele usuphela umdlalo.

Kunokuba abalule abadlali abathile, lo mqeqeshi waseSerbia ubashayele ihlombe bonke abadlali bakhe ngalo mdlali ubungoLwesibili ebusuku.

"Okokuqala, kuzomele ngincome abadlali ngokudlala ngendlela ebesihlele ngayo,” kusho uSredojevic kwiSuperSport TV.

OLUNYE UDABA: Ukhale ngonompempe kushaywa ezakhe uBenni

"Bekungelula ukudlala neqembu eliseqophelweni eliphezulu njengeCape Town City ekowamanqamu eMTN8. Bayiqembu elihle impela elicijwa ngumqeqeshi osezingeni eliphezulu.

"Besibabambile yonke indawo. Yithuba elilodwa nje elicacise konke, okuyithuba elitholwe yithina. Ngijabulile kakhulu ngomdlali ofana noLyle Foster othole imizuzu eminingi.

"Ngakolunye uhlangothi, ngeke ngagxila kakhulu kwabanye abadlali ngabanye ngoba yiqembu elisebenzile, nokuyiyinto esinqobele umdlalo namhlanje [ngoLwesibili].”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

Emizuzwini eyi-31 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...