Ugcine ebuyele e-Europe uPienaar

2016-08-19 19:04

Johannesburg - USteven Pienaar usayine inkontileka yonyaka neqembu elidlala ku-English Premier League, iSunderland, nakuba bekunamahlebezi athi angase abuyele kuPSL.

Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala ushiye i-Everton ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe ephele ngoJuni 30, kanti ulokhu ekhonjwa phesheywa nasemaqenjini akuleli.

Funda nalolu daba: I-Ajax ayikasithathi isinqumo ngoMayambela noMokoena

Kodwa nakuba besekuqagulwe okuningi ngekusasa lakhe, ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi ubuyele e-Europe njengoba ebengajahile ukuthatha isinqumo.

Ngemuva kwalokho kubikwe ukuthi usezilolonga namaBlack Cats, kubika iSoccerLaduma.

Manje ukuqagula sekuphelile njengoba sekudalulwe ukuthi usesayine eqenjini likaDavid Moyes, kanti lezi zindaba ziqinisekiswe amaBlack Cats kuTwitter.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...