UGavin Hunt ‘uqinisekisa’ uStuart Baxter njengomqeqeshi omusha weBafana

2017-04-03 12:33

Cape Town – Umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, uthe umqeqeshi weSuperSport United, uStuart Baxter, uzomenyezelwa maduzane njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana.

UHunt – naye oke wayamaniswa nalo msebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana – uqinisekise kuTimesLive ukuthi akakaze nakanye athintwe yinhlangano yebhola kuleli, iSouth African Football Association (SAFA).

Uqhube wathi ukholwa ukuthi iSAFA isimtholile umqeqeshi ebikade imfuna, okuwuBaxter.

OLUNYE  UDABA: ISuperSport inike iSAFA igunya lokuxoxa noBaxter

“Abakwazi (iSAFA) ukungifonela, bangakwazi? Sebevele sebenoBaxter, akunjalo?,” kusho uHunt.

“Sebesithathile isinqumo sabo. Bazamile ukuthola abaqeqeshi abathathu noma abane futhi abazange babathole.”

Ngaphambilini iSport24 yabika ukuthi uBaxter uzohlangana neSAFA ukuze kuxoxiswane ukuthi angeke yini abuyela ukuzothatha izintambo kuBafana Bafana.

Lo mqeqeshi oke waqeqesha iKaizer Chiefs ngaphambilini wayeqeqesha iBafana Bafana kusuka ngo-Meyi wonyaka ka-2004 kuya kuNovemba ngonyaka ka-2005, nalapho agcina ekhonjwe indlela ngemuva kokuhluleka ukuhlungelwa imidlalo yomqhudelwano weNdebe yoMhlaba wangonyaka ka-2006.

I-SAFA isemkhankasweni wokuthungatha umqeqeshi ngemuva kokuthi lowo owayengumqeqeshi weqembu, uShakes Mashaba, exoshwe ngoNovemba wangonyaka odlule.

Lowo obeyisekela likamqeqeshi, u-Owen da Gama, uyena osanda kuqokwa njengomqeqeshi osabambile. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...