UGavin Hunt ungase adlalise abafana abancane koweTelkom Knockout

2017-11-06 16:00

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uthi akazi noma kuyinto enhle yini njengoba ezakhe zidlulele kowandulela owamanqamu eTelkom Knockout.

IClever Boys izobhekana neKaizer Chiefs ngempelasonto yangomhlaka-18/19 Novemba ngemuva kokwehlula iBaroka FC ngo-1-0 eBidvest Stadium ngoMgqibelo.

Kodwa uHunt ukhathazekile ngendlela ikilabhu yakhe ezomelana ngayo nemidlalo ngemuva kwekhefu le-FIFA, njengoba izodlala imidlalo yeligi neMaritzburg United neMamelodi Sundowns ngoNovemba 21 no-24 ngokulandelana.

OLUNYE UDABA: UMicho ukhala ngamathuba alahlwe yiPirates

“Angazi ukuthi kuhle noma kubi ukudlulela phambili, angazi okwangempela,” esho.

“Kungenzeka kube yinto embi ukudlala imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha ngesikwati esinaso. Angazi, mhlawumbe sizodlala ngo-under-19 kowandulela owamanqamu.”

IWits inabadlali abaningi abalimele, okubalwa kubona uNazeer Allie, u-Eleazar Rodgers, Daylon Claasen noBen Motshwari bese kuba uHellings Mhango ongeke adlale ngoba emisiwe ngenxa yamakhadi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...