UGavin Hunt uncome imisebenzi yeMamelodi Sundowns

2017-02-24 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, uncome imisebenzi yakamuva yeMamelodi Sundowns, kanti ukholelwa ukuthi kusezandleni zayo ukuthatha nokungasithathi isicoco se-Absa Premiership.

AmaClever Boys azowela iJukskei River ngempelasonto eyobhekana nompetha beligi eLoftus Versfeld Stadium.

AmaBrazilians athatha isicoco seTelkom Knockout neseligi ngesizini edlule,  ngaphambi kokuthatha iCAF Champions League neCAF Super Cup.

OLUNYE UDABA: I-Afrika ifuna izikhala eziyishumu koweNdebe yoMhlaba

Lokhu kwenze leli qembu lathola ukuhlonishwa yizimbangi zalo kuleli nakwamanye amazwe, njengoba noHunt enze okufanayo.

"Ukukhuluma iqiniso, uma ubuka amaphuzu nemidlalo [esesandleni] kusezandleni zabo ukuthatha noma ukuphunyukwa yisicoco,”  kusho uHunt kuleli sonto.

"Akungabazeki ukuthi bayizimfivilithi; akukholakali osekwenziwe yileli qembu, siyalihlonipha.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...