Ufuna ukubonga abaqashi nge-top 8 umqeqeshi

2017-07-25 18:03

Johannesburg - Uzibekele umgomo wokuqeda kwi-top 8 kule sizini ezokwethwasa uFadlu Davids osanda kwethulwa njengomqeqeshi omusha weMaritzburg United.

Lo mqeqeshi ubeyibamba kulesi sikhundla ngemuva kokushiya kukaRoger de Sa, osazihlalele ekhaya.

ITeam of Choice iqede endaweni yesikhombisa kwi-log ngesizini ephelile nokuyinike ithikithi lokudlala kwiMTN8.

Ngesizini eyandulela edlule le kilabhu ivike izembe ngemizuzu yokugcina ibhekene neJomo Comsos, eNorth West.

OLUNYE UDABA: Angase ajoyine iWits odedelwe yiChiefs

UDavids utshele ILANGA ukuthi ufuna ukubonga abanikazi bale kilabhu ngokuqinisekisa ukuthi nangesizini ezoqala baqeda kwi-top 8 njengoba kwenza uSteve Komphela ngaphambi kokufudukela kwiKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi ubekhuluma naleli phephandaba kwiKZN Premier’s Cup ngempelasonto eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

UDavids uthi ukuqeda kwabo endaweni yesikhombisa ngesizini ephelile kubathweswe umthwalo wokuthi benze kangcono kakhulu ekupheleni kwesizini ezokwethwasa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...