Udunguza ebumnyameni ngekusasa lakhe uMasango

2017-05-04 07:00

Johannesburg - Umdlali obolekiswe kwiSuperSport United, uMandla Masango, uthi akanaso isiqiniseko ngekusasa lakhe njengoba elungiselela ukubuyela eqenjini lakhe eDenmark iRanders FC ekupheleni kwesizini.

Lo mdlali, owayegijima kwiKaizer Chiefs, okwamanje unenkontileka neqembu laseDenmark ezophelelwa yisikhathi ngoJuni 2018 kanti wabolekiswa kuMatsatsantsa ngemuva kokwehluleka ukugculisa abaqeqeshi.

Inkontileka yakhe yesikhashana ne-United kulindeleke iphelelwe yisikhathi ngenyanga ezayo, kanti uMasango uyavuma ukuthi udunguza ebumnyameni ngokuzokwenzeka ngaye emasontweni ambalwa ezayo.

OLUNYE UDABA: I-United inqumele okatiki iSAFA noBaxter

Utshele iKickOff.com ukuthi ungoweRanders, ngoba unenkontileka naleli qembu.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uzobuyela yini kuleli qembu laseDenmark ekupheleni kwesizini, noma uzozama ukufuna ukudlala kuMatsatsantsa, uthe: "Angazi kahle ngokuzokwenzeka.”

Njengoba uStuart Baxter abanomthelela ekutheni lo mdlali ajoyine leli qembu laseTshwane, akucaci ukuthi ngabe uzovuma yini ukuhlala uma kwenzeka eqashwa yiBafana.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...