UDoctor Khumalo ugixabezwe ngesiphezulu kwelePSL

2017-08-17 15:39

Cape Town – Inkakha yeKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, usekuqinisekisile ukuthi asumukele isikhundla sokuba yiTechnical Director yeBaroka FC.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-50 ubudala wethulwe esithangamini sabezindaba ebesiseGoli ngaphambi kokuqala komkhankaso wePSL ngale mpelasonto.

"Ngathola ucingo ngomhlaka-15 ku-Agasti. USihlalo uKaizer Motaung wangibizela emhlanganweni futhi ngangingazi ukuthi wawumayelana nani,” uKhumalo usho kanjalo njengoba ecashunwe yi-website ye-KickOff.

OLUNYE UDABA:Kushone owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs owawina izicoco

“Amazwi akhe okugcina, ngemuva kokuthi yonke into isishiwo futhi isiyenziwe, ukuthi ‘yisikhathi sakho sokuthi ukhule. Kodwa kukho konke okwenzayo, ukhumbule ukuthi umele mina neKaizer Chiefs'.

“Ngalokho ngiyakuqinisekisa ukuthi sengihlukene ngezindlela neKaizer Chiefs futhi uSihlalo uMnumzane Motaung usenginikezile izibusiso zakhe ukuthi ngikhulise igama lami.

“Ngikulungele ukuphinde ngibambe iqhaza ebholeni laseNingizimu Afrika. Ngifisa ukumemezela [ukuthi] ngizothatha umsebenzi omusha njengeTechnical Director yeBaroka FC. Ngikulungele ukuthatha lo msebenzi.”

IBaroka izohambela e-Old Peter Mokaba Stadium nalapho izotholana khona phezulu nePolokwane City ngoMgqibelo.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...