Udinwe uyaveva uMushin Ertugral

2018-01-10 14:00

Cape Town - Umqeqeshi we-Ajax Cape Town uMuhsin Ertugral udinwe uyaveva ngokwehluleka kweqembu lakhe ukwenza ‘izinto ezilula’ ngesikhathi behlulwa yiMamelodi Sundowns.

Ama-Urban Warriors abehamba phambili ngo-1-0 kodwa umdlalo wagcina usuphele ngo-2-1 ngesikhathi edlala neDowns ngoLwesibili ebusuku.

I-Ajax ibiboza phambi kwepali, ithatha izinqumo ezibhedayo, nokushiye u-Ertugral ethetha ebhentshini le-Ajax abehlezi kulona okokuqala selokhu ebuyele kuleli qembu laseKapa.

Ithuba elimcasule kakhulu eliyekwe umdlali omusha uFagrie Lakay esebhekene nepali.

OLUNYE UDABA: UPitso uthingeke ayikhulume ekaBrockie

Uthi ekugcineni kwakho konke, uma bebefaka ibhola ebhokisini ngendlela okwenze ngayo iDowns, ngabe balishayile igoli.

Uthi ngesikhathi uFagrie eshweba esebhekene nepali kuphela, ibhentshi lakhe lithe yishwa, kodwa yena uthi akulona ishwa leli, lo mdlali nje uhlulwe ukwenza into elula, futhi kumele bayeke ukulokhu betotosa abadlali.

U-Ertugral nokho ukholelwa ukuthi iqembu lakhe lizogcina selenza kahle njengoba sekufike yena manje, kodwa uyavuma ukuthi isisu yisona esidinga ukulungiswa kahle.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...