'UCastro angenza kahle kwiChiefs'

2017-11-26 16:07

Johannesburg - Lowo owayedlalela iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uKenny Niemach, ukholelwa ukuthi uLeonardo Castro kungamfanela ukudlalela Amakhosi.

Ngokusho kukaPitso Mosimane, uCastro noKhama Billiat bazoyishiya iDowns futhi useqalile ukufuna abadlali abazovala indawo yabo.

UCastro sekunesikhathi emataniswa neChiefs kanti kubikwa ukuthi usevumelene nayo.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngonondweba ngokungenzi kahle kweqembu lakhe

Akucaci kahle ukuthi ngabe uzoyijoyina goJanuwari yini noma ngesizini ezayo.

UNiemach uthi uCastro angenza kahle kwiChiefs.

"Ngicabanga ukuthi umqeqeshi [uSteve Komphela] ufuna umgadli, uCastro angaba umgadli ofanelekile. Udlala kahle futhi unobuchule.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...