Ubuyela ePortugal umdlali wakuleli obesekubikwe okuningi ngaye

2017-07-01 12:57

Johannesburg - Nakuba sekukhulunywe okuningi ngekusasa likaBongani Zungu, imemenja yakhe ithi lo mdlali usejahe ukubuyela kwiVitoria de Guimaraes ukuyolungiselela ukuqala kwesizini ePortugal.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala bekuthiwa uzoyishiya iGuimaraes njengoba efunwa ngamanye amaqembu adlala khona kwiPrimeira Liga kanjalo nase-England naseGermany, kodwa yena uthi ujabulile lapho ekhona.

OLUNYE UDABA: Usekulungele ukuwabeka ethala amakhokho owayedlalela iBafana

Lo mdlali manje kulindeleke abuyeke eqenjini lakhe ngesonto elizayo kanti ngokusho kwemenenja yakhe uSteve Kapeluschnik, uZuma ugxile ekwenzeni kahle ngesizini ezayo.

UKapeluschnik utshele iSoccer Laduma ukuthi, “Ngemuva kokwenza kahle ngesizini edlule ePortugal, uBongani uzobuyela khona ngesonto elizayo ezimisele ngokugcwele futhi efuna ukudlala indima enkulu kwiVitória de Guimarães emidlalweni yeligi neye-Europa League.”

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...