Ubonakale emahhovisi eqembu lePSL obengumgadli weChiefs

2017-07-11 18:04

Johhanesburg – Lowo obengumgadli weKaizer Chiefs, u-Edward Manqele, angase ashaye ibuya kwiFree State Stars ngemuva kokuthi ebonakale emahhovisi e-Ea Lla Koto eBethlehem ngezikhathi zasekuseni ngoLwesibili, kubika iKick Off.

Kuyimanje uManqele akanalo iqembu asayine kulona ngemuva kokuthi ehlukane ngezindlela naMakhosi ngesizini edlule. Ngaphambilini lo mgadli owayedlalela iChippa United wayeyamaniswa nokuyodlala ezweni laseTurkey, kodwa akukho okwagcina kwenzekile njengoba manje esezama ukuzitholela ikhaya elisha lapho ezobuyisa khona umgqigqo wakhe wakudala wokushaya amagoli.

OLUNYE UDABA:Owine indondo kuma-PSL Awards useyokwenza inhlolokhono phesheya

Ngokomthombo osondelene neStars, le kilabhu isikulungele ukunikeza uManqele ithuba lokuthi avuselele ikusasa lakhe ngemuva kokubhinjelwa yizinto kumaGlamour Boys.

“UManqele ulapha emahhovisini ekilabhu. Umqeqeshi ufuna ukumbukela eduzane ngaphambi kokwenza isinqumo,” kusho umthombo.

Ngesikhathi eqala ukudlalela iStars, uManqele wavalela amagoli angu-11 emidlalweni engu-21 nokwadonsa amahle eMamelodi Sundowns neChiefs. Wajoyina iSundowns ngesizini ka-2012/13, kodwa wahluleka ukwenza okwakulindelekile eChloorkop nokwaholela ekutheni abolekiswe kuMoroka Swallows, nalapho ebe nenkinga yesisindo sakhe.

Amakhosi azama inhlanhla ngalo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ngesikhathi emsayina ngesizini ka-2015/2016. Ngesikhathi ekulezi zinkunzi zaseSoweto, uManqele washaya igoli elilodwa nje vo. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...