UBobby uphebeza imibiko ngoDikgacoi
2016-08-11 13:30
Johannesburg – Imenenja yebhola kuKaizer Chiefs uBobby Motaung useyichithile imibiko ethi iqembu lizimisele
ngokusayinisa uKagisho Dikgacoi.
Lo mdlali owayegijima kuBafana Bafana akazange abe yingxenye yezinhlelo zeCardiff
City kanti umqeqeshi uPaul Trollope waqinisekisa ukuthi uDikgacoi ukhululekile
ukushiya iqembu uma bethola isiphakamiso esifanele.
"Uma
kunesiphakamiso esifikayo, sizosicubungula,” kusho uTrollope.
OLUNYE
UDABA: Asikaqedi ukuthenga abadlali – Bobby
Solokhu kuzwakale
lezi zindaba iChiefs kunemibiko eyamanisa iqembu nalo mdlali, 31.
UMotaung ube
eseyaziphendulela wathi iChiefs ijabule ngesikwati sayo ngaphambi kwesizini
entsha futhi ayizimisele ngokuthenga abanye abadlali.
"Amanga
lawo, akukho mdlali esimeshelayo,” kusho uMotaung, etshela iKickOff.com.
- News 24