‘UBobby Motaung ugcwele indelelo’

2016-07-29 20:30

Johannesburg – USihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi usekhulume washiya angalazi ngemenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung.

La maqembu womabili akha ubudlelwano kule minyaka eyedlule, kepha manje kubonakala sengathi azogqashuka amaxhama okusebenzisana kulandela ukubonakala komdlali weChippa, uJoseph Molangoane ezilolonga eNaturena.

Ngokusho kukaMotaung, lo mdlali, 28, akanalo iqembu.

Kepha uMpengesi uthi lo mdlali usanenkontileka nabo, wathi uma lolu daba lungaxazululeki uzoluyisa e-Arbitration Court.

OLUNYE UDABA: Asikaqedi ukuthenga abadlali – Bobby

“Ngijabhile ngendlela uBobby alusingathe ngayo lolu daba. Akamazi omunye umuntu futhi uyedelela enjalo nje.

“UMolangoane wasitshela ngaphambi kokuphela kwesizini ukuthi iChiefs imenzele isiphakamiso. Kwamcasula lokho umqeqeshi wase ekhetha ukumxosha, engafuni bakhulume ngale ndaba,” esho.

Uthi sekukaningi uMotaung ekhuluma inkulumo enokwedelela, njengoba wake wakhuluma ebhekise kuSihlalo weBloemfontein Celtic, wathi “ungumafikizolo” ebholeni.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...