UBilliat uyala ukucacisa ukuthi uzobe edlala kuphi uma eseyishile iDowns

2017-11-22 14:00

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uKhama Billiat uthi uzolokhu eyihlonipha le kilabhu nakuba kulindeleke ukuba ayishiye, kodwa akafuni ukudalula ukuthi uyaphi ngesizini ezayo.

Sekuqinisekisiwe ukuthi lo mdlali waseZimbabwe uyashiya eChloorkop ekupheleni kwesizini, ngemuva kokuba izingxoxo ngenkontileka entsha zifinyelele kwangqingetshe.

UBilliat udlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu kwiSundowns eminyakeni emine edlule ekwiDowns, wanqoba izicoco ezimbili ze-Absa Premiership, iNedbank neTelkom Knockout, kanjalo neCAF Champions League neSuper Cup.

Manje, njengoba inkontileka yakhe isizophelelwa yisikhathi, lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usekulungele ukubhekana nenselelo entsha, kodwa uyala ukudalula ukuthi uyakuphi uma ebuzwa.

"Cha, okwamanje [asikavumelani ngenkontileka entsha neSundowns]. Sisaxoxisana," kusho uBilliat, ngaphambi kokuba atshelwe ukuthi uPitso Mosimane ubesekuqinisekisile kwabezindaba ukuthi izingxoxo kazihambanga kahle.

OLUNYE UDABA: AmaZulu afuna ukuziphindiselela kwiChiefs

"Mhlawumbe kuzomele ngibuyele kwimenenja yami, ngithole imininingwane, ngizobe sengazi-ke lapho ukuthi kwenzakalani.”

Ube esethi usafuna ukuqhubeka nokudlala kuze kuphele inkontileka yakhe. “Engikufunayo nje ukudlala ibhola.”

"Kubalulekile ukuqhubeka nokuzimisela, ngoba awufuni kubukeke sengathi kukhona omdelelayo,” kusho uBilliat.

Uthe ngeke abenzele phansi ozakwabo abambeke kuleli zinga kanjalo nethimba labaqeqeshi. 

"Ngifunde lukhulu, futhi ngiselapha namanje, ngisangafunda lukhulu. Kodwa kubalulekile ukuba ngikhombise inhlonipho.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...