UBenni uyazithemba ngokuqeqesha iPirates

2017-02-10 11:01

Cape Town – Lowo owayengumgadli weBafana Bafana owayengalibheki ipali, uBenni McCarthy, uyazithemba ukuthi angaba nempumelelo uma enganikwa ithuba lokuqeqesha elinye lamaqembu amakhulu kuleli, i-Orlando Pirates.

Lo mgadli oke wagijima nakumaBhakabhaka usanda kuphothula izifundo zokuqeqesha, i-UEFA A coaching licence, kanti usemagange ekutheni anikwe ithuba njengomqeqeshi weqembu.

AmaSea Robbers awakamqoki umqeqeshi ozoqeqesha ngokugcwele kulandela ukusula isigubhukane kwalowo owayengumqeqeshi uMuhsin Ertugral ngonyaka odlule, nokwaholela ekutheni kuqokwe u-Augusto Palacios njengomqeqeshi wesikhashana.

OLUNYE UDABA: Ukhale ngonompempe umqeqeshi wePirates behlulwa ukuwina

Kodwa-ke noma kunjalo, uMcCarthy uthi usekulungele ukubhekana nenselelo yokuba ngumqeqeshi.

“Abantu bathi anginasipiloyoni noma angikaze ngiqeqeshe, kodwa siyini isipiliyoni vele? Usubonile abanye babaqeqeshi abaphambili kulo mkhakha behluleka,” uMcCarthy utshele iSoccer Laduma.

“Ngakho sisho ukuthini ngempela isipiliyoni?”

Lo makadebona womgadli uthi kwesinye isikhathi into ebalulekile ukwazi ngesikompilo leqembu kanye nokwazi ukuthi kusho ukuthini ukugqoka ijezi leqembu.

Uthi ngisho nabadlali bayabona uma ungakwazi kahle ukuthi kusho ukuthini ukubandakanyeka neqembu.

Uthi yena wazi kahle ukuthi kusho ukuthini kubalandeli naseqenjini futhi uyazi ukuthi kuwumthwalo onzima ukugqoka ijezi lamaBhakabhaka. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...