UBenni uthi ubeyihlelele kahle iWits

2017-09-11 09:30

Johannesburg - Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy uthi uyifundisise kahle iBidvest Wits ngaphambi komdlalo wabo wokuhlungela owandulela owamanqamu eMTN8.

ICity idlulele kowamanqamu eMTN8 kulandela ukushaya iWits ngo-2-1 emlenzeni wesibili ngeSonto ntambama.

"Amawini amathathu emidlalweni emithathu, ngiyazi ukuthi kusekude ukuba ngifinyelele emidlalweni eyinkulungwane njengomqeqeshi kodwa angenzi kabi angithi,” kusho uMcCarthy etshela kwiSuperSport TV.

OLUNYE UDABA: I-SS United idlulele kowamanqamu

"Ngilijabulela kakhulu iqembu. Ngibajabulela kakhulu abalandeli beCape Town City. Ngibajabulela kakhulu abadlali yazi, ngoba yibona abenza umsebenzi nsuku zonke. Abaqeqeshi benza okwabo nabo kodwa uma sekungenwa enkundleni kusuke konke sekusezandleni zabo [abadlali].

Uthe bebeyihlelele kahle iWits njengoba bebekuqonda nokuthi uma sekungena u-Eleazar Rogers, izobe isidlala amabhola amade naphezulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...