UBenni uthi isethenjwa seCity siphazanyiswa yimibiko yokujoyina iSundowns

2017-08-28 18:01

Cape Town – Umqeqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, uthi ukaputeni waleli qembu, uLebogang Manyama, usephazamisekile ngenxa yemibiko eqagula ngokushiya kwakhe kule kilabhu.

UManyama ubelokhu eyamaniswa kwabezindaba neMamelodi Sundowns, yize noma umphathi wamaCitizens, uJohn Comitis, eshaya phansi ngonyawo kwelokuthi lo mdlali weBafana Bafana uzodayiselwa kuphela ikilabhu yase-Europe.

ISport24 ibike ukuthi uManyama wahoxiswa ekubeni yingxenye yesikwati seqembu esadlala emdlalweni owandulela owamanqamu kumqhudelwano weMTN8 nalapho leli qembu elalizobhekana khona neWits ngemuva kokuhilizisana noMcCarthy.

OLUNYE UDABA: IChiefs ithi isimthungatha umhlaba wonke umgadli

Khonamanjalo, ngemuva kokuthi iCity ishaye iWits ngo-1-0, uMcCarthy uthe uyasiqonda isimo esinzima esibhekene noManyama futhi ukholwa ukuthi yikhona okulungele kakhulu umdlali kanye neqembu ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala angadlali.

“Ngivele ngazizwa kanjalo ngezinguquko engazenza ngesonto eledlule eqenjini,” uMcCarthy ucashunwe esho kanjalo yi-website yeKickOff.

“Ngishiye uLebo (Manyama) ngaphandle futhi ngokusobala angikutholanga lokho engangikufuna emdlalweni [wakhe] sibhekene nePlatinum Stars, ngenxa yayo yonke into eyayenzeka kwabezindaba, ngokuthi ‘uzohamba noma uzohlala’.

UBenni uthi ubonile ngesonto eledlule ukuthi umqondo walo mdlali ukwenye indawo. “Ubesejimini, ubekhona kodwa ziningi izinto abenazo ezenzakalayo. Ngikhulumile naye, futhi ngokusobala lowo umuzwa engiwutholile.”

UBenni uthi akafuni abalandeli baqale bagxeke lo mdlali uma ngabe engasenzi kahle ngenxa yokuthi umqondo wakhe ukwenye indawo. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...