UBenni uthi akazi yini ebambe iSAFA ngomqeqeshi weBafana

2017-05-03 11:01

Johannesburg  - Sekuphele izinyanga ezinhlanu selokhu kwaxoshwa owayengumqeqeshi uShakes Mashaba kanti namanje kusalindeleke ukuthi iSouth African Football Association imemezele umqeqeshi omusha weBafana Bafana.

Lokhu kumkhathaza kakhulu lowo owayengumgadli waleli qembu lesizwe, uBenni McCarthy, nophinde abe yingxenye yekomiti elisiza iSAFA ukuqoka umqeqeshi omusha.

Kodwa-ke noma kunjalo, kuze kube yimanje azikho izimpawu zokuthi kuzoqokwa umqeqeshi omusha njengoba nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba izoqhubeka ngenyanga ezayo.

OLUNYE UDABA: Uxoshelwe ukuba neshobolo umqeqeshi welePSL

Lo mgadli owayengalibheki ipali uthi akazi ngempela ukuthi yini le engaka ebambe iSAFA ukuthi iqoke umqeqeshi omusha phezu kokuthi le nhlangano yebhola kuleli yathembisa ukumemezela umqeqeshi omusha ngasekupheleni kukaFebhuwari.

Kodwa-ke uMcCarthy, oneminyaka engu-39 ubudala, usezwakalise ukusekela uMengameli weSAFA, uDanny Jordaan kanye namalungu esigungu esiphezulu (NEC) kuSAFA, wathi ukulinda kwabo kuzothela izithelo.

“Angazi ngempela ukuthi kwenzakalani,” kusho lo mdlali ohamba phambili ngokushaya amagoli eNingizimu Afrika.

“Angazi ukuthi yini ebambezela uhlelo lokuqoka umqeqeshi omusha ngoba iSAFA isifinyeze uhlu lwabaqeqeshi abahle kabi kulo msebenzi.

“Ngalesi sikhathi, ngangilindele ukuthi sizoba nomqeqeshi omusha kodwa ngokusobala uMengameli uDanny Jordaan kanye ne-NEC bazi kahle ukuthi yini abayenzayo.

“Mhlawumbe kunento ebambile ndawana thize mina engingenalwazi ngayo.”

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...