UBenni useziphendulele ngodaba lokuthi uzophathelwa omoli adlale ngabo

2018-01-22 18:00

Cape Town - UBenni McCarthy uthathele enkundleni uTritter ephendula inkuloyo kaMuhsin Ertugral ngokumubiza ngengane.

UErtugral useshaywe imidlalo emine selokhu abuya kwiKamva ngenyanga edlule, kanti nezitha zabo zasekhaya ziphume ngo-1-0 enkundleni yaseKapa.

Le derby iqale ukufudumala kahle ngesiwombe sesibili kubonakala uCraig Martin ehlukanisa inkunzi nethole ngomzuzu 52.

OLUNYE UDABA:UKomphela akagculisikeile kakhulu ngendlela abadlale ngayo

UGerald Takwara ukhishiwe ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala kanti uMcCarthy naye wayalelwa ukuba ahlehlele emuva ngemuva kokuhilizisana no-Ertugral.

Iphutha emenziwe ngabaphathi bomdlalo yilona elisuse ukukhuluma ngemuva kokuba avumele uKwanda Mngonyama angene uMartin engakaphumi enkundleni.

U-Ertugral ubefuna uMngonyama abhalwe.

"Kusamele afunde, useyingane, ngokuzayo ngizomphathela omoli adlale ngabo," kusho uMuhsin ngemuva komdlalo.

UMcCarthy, akafunanga ukuxhumana nabezindaba kodwa waphendula ezinkundleni zokuxhumana.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...