UBaxter uthi umsizi kanompempe 'ubengumdlali ovelele wePirates'

2017-03-08 14:01

Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United, uStuart Baxter, ayimjabulisanga neze indlela obuphethwe ngayo umdlalo ngesikhathi iqembu lakhe libambana ngo-1-1 ne-Orlando Pirates.

UThabo Mnyamane ushaye igoli lokuqala lomdlalo, ngaphambi kokuba uThembinkosi Lorch ashaye elokulinganisa ngomzuzu ka-75.

UBaxter ukholelwa ukuthi ezakhe bekumele zithole iphenathi ngesiwombe sesibili ngesikhathi u-Ayanda Gcaba "ewisa" uJeremy Brockie ebhokisini.

OLUNYE UDABA: UCastro kumele akhohlwe yi-CBD - Pitso

UBaxter ngemuva komdlalo uthe ukholelwa ukuthi ezakhe zidlale kahle umdlalo wonke, iPirates yehlulekile ukubathwalisa ubunzima, ngaphandle nje komsizi kanompempe obengumdlali ovelele wePirates.

Nakuba kunjalo, lo mqeqeshi uthe ugculisekile ngendlela abadlale ngayo abadlali bakhe, uyabazwela nje ngokuthi abawinanga.

Kulandela le nkulumo kaBaxter, sekuvele ukuthi i-PSL ingase imthathele izinyathelo zomthetho.

- Soccer Laduma

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-17°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...