UBaxter useqoke ukaputeni omusha weBafana

2017-06-05 18:02

Cape Town – Umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli, uStuart Baxter, usekuqinisekisile ukuthi uThulani Hlatshwayo uyena osezogqoka ibhande lokuba ngukaputeni weBafana Bafana ngokugcwele.

Ngemuva kokuthi iSouth African Football Association (SAFA) yamemezela uBaxter njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe, omunye wemibuzo bekulokhu kungukuthi  ‘ubani ozohola iqembu lesizwe?’.

Ngemuva kweminyaka emibili ekuBafana Bafana, lowo owayengumqeqeshi uShakes Mashaba washintshashintsha okaputeni beqembu nokwenze iningi labadlali baqokwa njengokaputeni. 

“UHlatshwayo uzoba ngukaputeni weBafana Bafana,” kusho uBaxter esithangamini sabezindaba, njengoba ecashunwe kanjalo ekhasini likaTwitter leBafana. 

OLUNYE UDABA: Ligqabukile igoda phakathi kweqembu eligijima ku-PSL nomqeqeshi

“Unawo wonke amava kakaputeni, ukudlala njalo, unesipiliyoni futhi uhola ngokuyisibonelo. 

“Ibhande likakaputeni kumele lithathwe njengelibalulekile, hhayi [ukuthi] lishintshwashintshwe liphinde lidluliswe kubadlali abangu-16. Ngakho lokhu kungokugcwele.”

UHlatshwayo uzohola iNingizimu Afrika uma isibhekene neNigeria emdlalweni wokuhlungela imidlalo yomqhudelwano we-Africa Cup of Nations (AFCON) eGodswill Akpabio International Stadium ngoMgqibelo mhlaka-10 June. 

Lo mdlalo uzoqala ngo-18:00 (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika).

ISIKWADI SEBAFANA BAFANA:

Onozinti
Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Darren Keet (Wits), Ronwen Williams (SuperSport United)

Izitobha
Ramahlwe Mphahlele (Kaizer Chiefs), Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town), Thulani Hlatshwayo (captain, Wits), Eric Mathoho (Kaizer Chiefs), Lorenzo Gordinho (Kaizer Chiefs), Abbubaker Mobara (Orlando Pirates), Tebogo Langerman (Mamelodi Sundowns), Sifiso Hlanti (Wits)

Abasesiswini
Tiyani Mabunda (Mamelodi Sundowns), Keagan Dolly (Montpellier, France), Andile Jali (K.V. Oostende, Belgium), Kamohelo Mokotjo (FC Twente, Netherlands), Dean Furman (SuperSport United), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Bongani Zungu (Vitória S.C, Portugal), Aubrey Ngoma (Cape Town City)

Abagadli
Percy Tau (Mamelodi Sundowns), Lebogang Manyama (Cape Town City), Kermit Erasmus (LENS, France), Sibusiso Vilakazi (Mamelodi Sundowns), Tokelo Rantie (Genclerbirligi, Turkey), Thamsanqa Gabuza (Orlando Pirates)

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...