UBaxter uncome indlela abafana bakhe abadlale ngayo

2017-10-08 10:04

Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter uthi indlela iqembu lesizwe elidlale ngayo libhekene neBurkina Faso iyancomeka kakhulu.

Amagoli kaPercy Tau, Themba Zwane noSibusiso Vilakazi aqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika inqoba lo mdlalo ngo-3-1, nokusho ukuthi isasethubeni lokuya kweyeNdebe yoMhlaba ka-2018.

"Besisengcupheni, kodwa abadlali badlala into encomekayo. Akulula, abantu bese bebagxeke kakhulu, sikhona isidingo, kwesinye isikhathi singekho,” kusho uBaxter kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

OLUNYE UDABA: UPitso nomyalezo obhekiwe kuBaxter nezakhe

"Ngicabanga ukuthi indlela abadlale ngayo isho lukhulu ngebhola laseNingizimu Afrika.”

UBaxter uphinde wachaza ngendlela abadlali bakhe abazibonakalise ngayo bedlala neBurkina Faso.

"Asichomi futhi asitayeli. Sifuna amasu ethu, ikhono lethu, nendlela esidlala ngayo kube yikhona okulimaza izimbangi zethu,” esho. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...