UBaxter umemezele isikwati seBafana esizodlala kowokuhlungela eyomhlaba

2017-08-21 15:59

Cape Town – Umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, usememezele isikwadi sabadlali abangu-25 esisodlala imidlalo elandelanayo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2018 neCape Verde Islands.

UBaxter ubagcinile abadlali abaningi ababeyingxenye yesikwati esashaya iSuper Eagles ngo-2-0 e-Uyo, eNigeria, ngaphambilini kulo nyaka emdlalweni wokuvula wokuhlungela umqhudelwano we-2019 Africa Cup of Nations.

OLUNYE UDABA: Umdlali welePSL kulindeleke asayine isivumelwano neqembu elikhulu laphesheya

Lo mqeqeshi wenze izinguquko ezine – umdlali wasemuva uMorgan Gould, useshaye ibuya eqenjini lesizwe ngemuva kwesikhathi eside engekho, uzothatha indawo kaLorenzo Gordinho, bese kuthi abadlali basesiswini uThulani Serero kanye noDaylon Klaasen bazongena endaweni ka-Aubrey Ngoma kanye noSibusiso Vilakazi ngokulandelana, nalapho uBradley Grobler yena ezongena esikhaleni sikaThamsanqa Gabuza.

ISIKWATI SEBAFANA BAFANA:

Onozinti

Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Darren Keet (Wits), Ronwen Williams (SuperSport United)

Abasemuva

Ramahlwe Mphahlele (Kaizer Chiefs), Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town), Thulani Hlatshwayo (Wits), Eric Mathoho (Kaizer Chiefs), Morgan Gould (SuperSport United), Abbubaker Mobara (Orlando Pirates), Tebogo Langerman (Mamelodi Sundowns), Sifiso Hlanti (Wits)

Abasesiswini

Hlompho Kekana (Mamelodi Sundowns), Keagan Dolly (Montpellier, France), Andile Jali (K.V. Oostende, Belgium), Kamohelo Mokotjo (Brentford FC, England), Dean Furman (SuperSport United), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Bongani Zungu (Vitória S.C, Portugal), Thulani Serero SBV Vitesse (Holland)

Abagadli

Percy Tau (Mamelodi Sundowns), Lebogang Manyama (Cape Town City), Kermit Erasmus (LENS, France), Tokelo Rantie (Genclerbirligi, Turkey), Bradley Grobler (SuperSport United), Daylon Claasen (Wits)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...