UBaxter ufuna ukusiza uKomphela athathe isicoco njengoba eseqokwe yiChiefs

2018-02-13 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi omusha wonozinti kwiKaizer Chiefs, uLee Baxter, uchazekile ngezinto afike wazibona eNaturena kanti ukholelwa ukuthi ikilabhu efana nalena kumele ngabe iwina izicoco masizini onke.

IChiefs ngoMsombuluko imemezele ukuthi isiqoke uBaxter, yamsayinisa inkontileka yeminyaka emibili nengxenye, ukuba avale isikhala esavuleka ngokudlula emhlabeni kuka-Alex Revoredo, ngo-Agasti nyakenye.

ULee, 41, uyindodana yomqeqeshi weBafana Bafana uStuart, owanqoba izicoco ezimbili zeligi, esisodwa seNedbank Cup kanye nese-MTN8 esaqeqesha iGlamour Boys phakathi kuka-2012 no-2015.

OLUNYE UDABA: Kusize ukuthetha kukaKomphela - Khune

ULee uke wasebenza ngaphansi kukayise njengomqeqeshi wonozinti kwiSuperSport United ngesizini edlule, kanti futhi useke waqashwa yiGençlerbirligi eTurkey kanye ne-AGF Aarhus yaseDenmark.

Wake wadlalela iBlackburn Rovers, iSanfrecce Hiroshima, iGlasgow Rangers, i-AIK Solna, Malmö FF ne-IFK Gothenburg.

Lo mqeqeshi ongowokuzalwa eSweden uthi isikhungo eziqeqeshela kusona iChiefs sibalwa nezinye eziphambili kwaseke wazibona.

“Sengike ngaba semaqenjini amaningi e-Europe, kodwa akuwona wonke anezinkundla zokuziqeqesha ezisezingeni eliphezulu njengeseChiefs.”

ULee uthi ufuna ukusiza uSteve Komphela athathe isicoco sakhe sokuqala kule kilabhu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...