U-SABC noSuperSport banikwe amalungelo okusakaza iNdebe yoMhlaba

2017-03-31 16:02

Cape Town – Inhlangano yebhola emhlabeni iFIFA isimemezele ukuthi isinikeze iziteshi ezinkulu zakuleli, iSuperSport kanye neSABC amalungelo okusakaza iNdebe yoMhlaba yangonyaka ka-2018 eRussia kanjalo neminye imicimbi ehlobene neFIFA ngonyaka ka-2017/18.

Lezi ziteshi zombili zokusakaza zinikwe amalungelo athile okusakaza yile nhlangano elawula ibhola ngemuva kohlelo oluvulekile lokufaka isicelo sethenda, iFIFA isho kanjalo esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: ISuperSport inike iSAFA igunya lokuxoxa noBaxter

Imicimbi ehlobene ne-2017/18 FIFA kubalwa neFIFA Under-20 World Cup 2017, FIFA Under-17 World Cup 2017; FIFA Beach Soccer World Cup 2017; FIFA Confederations Cup 2017; FIFA Under-20 Women’s World Cup 2018; FIFA Under-17 Women’s World Cup 2018 kanye ne-2018 FIFA World Cup.

“Sijabule ukusebenza nabalingani bethu abaqokiwe kwezokusakaza kwisifunda i-sub-Saharan ukuvumela izigidi zabalandeli ukuthi zithokozele yonke imidlalo yeFIFA eyehlukene ezinkundleni eziningi,” kusho oyiChief Commercial Officer kuFIFA, uPhilippe Le Floc’h.

OyiGroup Executive eSABC, uSully Motsweni, uthi bekubalulekile ukuthi lo msakazeli womphakathi uthole lama lungelo okusakaza imidlalo yeFIFA ngenxa yokuthi abalaleli babo bayilangazelele.

OyiChief Executive yakwaSuperSport, uGideon Khobane, uthi lokhu kusho ukuqhubeka kobudlelwano obukhulu, wathi ibhola lihlale liyinto ebalulekile kulesi siteshi sikamabonakude esikhokhelwayo. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...