‘U-Andile Jali kumele abuyele ekhaya kwiPirates’

2018-03-24 11:11

Cape Town – Inkakha ye-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi ifuna abuyele ekhaya u-Andile Jali ngemuva kokuthi eqinisekisile ukuthi uzobuyela kwi-Absa Premiership uma inkontileka yakhe nekilabhu yaseBelgium i-K.V. Oostende isiphelelwa yisikhathi ngoJuni.

UJali, obeseNingizimu Afrika njengoba elimele edolweni, ngesonto eledlule uqinisekisile ukuthi usethathe isinqumo sokubuyela kuleli ukuze asondelane nomndeni wakhe ngemuva kweminyaka emine nesigamu edlala eBelgium.

Lo mdlali wasesiswini kwiBafana Bafana uyamaniswa nokubuyela kwiPirates kanti abanye bamkhomba ekilabhini kaPitso Mosimane, iMamelodi Sundowns.

OLUNYE UDABA: IPirates iyisithiyo kogaqelwe yiChiefs

Nokho, uLekgwathi ukholelwa ekutheni uJali usangenza into yamehlo kwiPirates.

Laba babeyingxenye yesikwati esasicijwa wuRuud Krol esathatha izindebe ezintathu ngo-2011.

ULekgwathi ekhuluma ne-SABC uthe: “Kusobala kimi. Wenze umsebenzi oncomekayo kulesi sikhathi asichithe eBelgium kanti ngicabanga ukuthi usangafike angene athi khaxa ezinhlelweni zePirates njengakuqala.

“Kumele abuyele ekhaya futhi singathanda ukubona ibhola angalidlala eselekelelana nabadlalai abafana noXolani Mlambo noMusa Nyatama.

"Ngimazi kahle uJali ngoba ngidlalile naye, ungumdlali obhukulayo kanti siyabadinga abadlali abafana naye ukulwela izindebe kwiPirates.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...