U-Ace Ncobo uhoxile embangweni wesokuhola i-Safa
2018-03-15 19:17
Johannesburg – Lowo owayengunondweba weSouth African Football Association (Safa) u-Ace Ncobo ngeke esabangisana nomengameli we-Safa uDanny Jordaan okhethweni lozohola le nhlangano yebhola kulandela umhlangano ababenawo.
Omele i-FIFA u-Phillip Chiyangwa ukuqinisekisile ukuthi uNcobo ngeke alungenele ukhetho ngemuva komhlangano obuphakathi kukaNcobo noJordaan, okusayinwe kuwona isivumelwano sokuqeda ‘ukuklwebhana’ kwabo emphakathini.
OLUNYE UDABA: IPirates ikhishwe ekuseni koweNedbank Cup
“Ngilapha ukuxazulula ezinye zezinkinga mayelana nokhetho oluzayo lwe-Safa. UDanny Jordaan no-Ace Ncobo bobabili babungazwa kakhulu ebholeni lezinyawo eNingizimu Afrika.
“Ngibenomhlangano neSafa. Kunesivumelwano esesisayinwe yizona zombili izinhlangothi. Lokhu kusho ukuthi sekuphelile ukungaboni ngasolinye obekukhona. U-Ace Ncobo ngeke alungenele ukhetho oluzayo lwe-Safa.
“Bekungokokuqala ngihlangana no-Ace. Ungumuntu olungile okubeke kwacaca futhi ukuthi akazimisele ngesikhundla sokuba umengameli.”
- EWN