Thola yonke imidlalo yePSL kuleli sonto

2017-04-11 14:00

Cape Town – Kuyasuka futhi lokho namhlanje (ngoLwesibili) ngemidlalo yamaqembu agijima esigabeni sePSL njengoba uya ngokushuba umbango wesicoco se-Absa Premiership ngesikhathi amanye amaqembu ezama ukuvika izembe.

Kuyimanje kubukeka umbango wesicoco seligi usavuleleke okungenani emaqenjini amahlanu aphezulu kwi-log ye-Absa Premiership yize noma iCape Town City kanye neWits kubukeka kuyiwona amaqembu asemathubeni amahle okukhala emuke nalesi sicoco.

OLUNYE UDABA: Komphela: Kumele ajeze umqeqeshi we-Acornbush

Ngakolunye uhlangothi izinto azizinhle neze emaqenjini amabili angomakoti kuPSL, okuyiBaroka FC kanye neHighlands Park njengoba kuyiwona avale emsileni nokwenza kubukeke sengathi kungenzeka adliwe yizembe.

Ngaphezu kwalokho izinto azihambi kahle neze ezinkunzini zaseSoweto, i-Orlando Pirates, njengoba kuyimanje ihlezi endaweni yesi-12 nalapho ihlukaniswe khona ngamaphuzu amahlanu kuphela neBaroka, okuyiyona evale emsileni. Lokhu kwenza abanye bathi ezikaMagebhula azihlukile namaqembu avika izembe.

Zibonele iminye yemidlalo ongayilindela kusuka namhlanje kuze kube yiSonto njengoba kuzobe kuyimpelasonto ende yePhasika:

NGOLWESIBILI, EPHRELI 11

Wits v Golden Arrows - 19:30

Chippa United v Polokwane City - 19:30

Orlando Pirates v Maritzburg United - 19:30

Baroka FC v Free State Stars - 19:30

NGOLWESITHATHU, EPHRELI 12 

Ajax Cape Town v Highlands Park - 19:30

Bloemfontein Celtic v Kaizer Chiefs - 19:30

NGOLWESINE, EPHRELI 13

Mamelodi Sundowns v SuperSport United - 18:00

Platinum Stars v Cape Town City FC - 18:00

NGOLWESIHLANU, EPHRELI 14

Maritzburg United v Baroka FC - 15:00

NGOMGQIBELO, EPHRELI 15

Golden Arrows v Ajax Cape Town - 15:00

Kaizer Chiefs v Chippa United - 18:00

Highlands Park v Orlando Pirates - 20:15

NGESONTO, EPHRELI 16

Free State Stars v Mamelodi Sundowns - 15:00

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-27°C Sunny. Mild. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...