Sizozama ukugwema ihlazo - OweDowns

2017-02-04 18:36

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uSibusiso Vilakazi ulindele ibathwalise kanzima iMariveni United emqhudelwaneni weNedbank Cup, kanti usexwayise ezakhe ngokungadembeseli.

Ompetha basepAfrika bazosingatha iqembu laseLimpopo elidlala ku-SAB League, kanti bazozama ngakho konke ukugwema ihlazo lokukhishwa yileli qembu ngenyanga ezayo.

USbu uyavuma ukuthi kuzoba umdlalo omnandi, futhi uyazi ukuthi ukudembesela kungase kubenze behlulwe yileli qembu ‘elincane’.

OLUNYE UDABA: IDowns isibekwe icala yi-PSL

“Umdlalo wenkomishi lona, Kanti emdlalweni womkhumula jezi unethula elilodwa ngale kwalokho uyaphuma,” kusho uVilakazi kwi-website yeqembu lakhe.

"Kodwa sizothola imininingwane ngabo. Sifuna ukunqoba.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...