Sizokwenza izinguquko ezinkulu ngaphambi kokuqala kwesizini - Kaizer Motaung

2018-04-20 16:00

USihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, usegcizelele ekutheni abalandeli kumele babekezele futhi baziphathe kahle uma ikilabhu isidlala eThekwini ngempelasonto.

AmaGlamour Boys azothathana neFree State Stars kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku ngo-20:15.

Lesi sicelo "sokubekezela, ukuzithiba nokuziphatha kahle" siza ngemuva kwesangesonto eledlule. UMotaung uthembise abalandeli ngokuthi beyizikhulu bazizwile izikhalo zabalandeli zokuthi kube noguquko ethimbeni labaqeqeshi.

“Siyazi ukuthi kunokungajabuli okukhona ngenxa yokuntuleka kwemiphumela emihle kanjalo nesomiso sezinkomishi kula masizini ambalwa edlule," kusho uMotaung kwi-website yeqembu.

OLUNYE UDABA: IChiefs ifana nezulu kwabanye babadlali - Motaung

“Iziphathimandla nethimba labaqeqeshi basebenza kanzima ukuguqula indlela esidlala ngayo kanjalo nemiphumela. Sinxusa ukubekezela kuze kuphele isizini.

“Kubalulekile ukuthi abalandeli bethu bazi ukuthi njengeziphathimandla, siyazizwa izikhalazo zabo futhi siyazwelana nabo.

"Sibe nomhlangano siyizikhulu ngesonto eledlule, kanti ezinye izinqumo esiphume nazo wukuthi kumele kwenziwe ushintsho ngasekupheleni kwesizini uma sifuna ukuguqula isimo.

“Okwamanje kunezinto ezithile esingasivumeli ukuba senze izinguquko ngokushesha. Kepha sibheke ekutheni senze izinguquko ezinkulu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...