Siyaziqhenya ngomsebenzi wethu - OweSundowns

2017-02-13 11:34

Cape Town – Umgadli weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, usencome umdlalo osezingeni eliphezulu wezakhe nalapho labo mpetha belobole khona izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, ngo-6-0 emdlalweni wabo wePremiership eLoftus Versveld Stadium ngoMgqibelo.

Yize noma lo mdlalo ugutshuzelwe udlame lwabalandeli oluholele ekutheni abalandeli abangu-13 bangeniswe esibhedlela, amaBrazilian adlale umdlalo ongeminye yemikhulu kule sizini nalapho ebelokhu ehlasela ephindelela ngokungabi nazwelo kumaBhakabhaka.

OLUNYE UDABA:IPSL igxeke udlame lwabalandeli kushaywa iPirates

Lo mgadli ukhombise ngokusobala ukuthi ezikaPitso Mosimane azikezukumkhumbula uKeagan Dolly owajoyina iqembu eligijima kuLigue 1, iMontpellier yaseFrance, ngenyanga edlule.

Kulo mdlalo bebevutha bengabaselwe abadlali beSundowns abebedlala ngokubambisana nokunguThemba Zwane, Khama Billiat u-Anthony Laffor kanye naye uTau.

Kwenzeka lokhu nje omunye wabagadli beSundowns, uLeonardo Castro, yena ubebukela esebhentshini.

“Ngicabanga ukuthi senze kahle,” uTau utshele iSuperSportTV ngemuva komdlalo.

“Sijabule ngokuthola amaphuzu amathathu nokugcina ukungangenelwa yigoli.

“Siyaziqhenya ngomsebenzi wethu, futhi zonke izincomo kufanele ziye eqenjini.

“Senze kahle kakhulu, futhi sikwazile ukuphendula amathuba esiwatholile nokuyinto enhle.”

Ukuvutha engabaselwe kukaTau sekwenze ukuthi avalele enethini amagoli angu-6 waphinde walekelela ekushayweni kwamahlanu emidlalweni engu-11 njengoba aMasandawana esenyukele endaweni yesihlanu kuligi kanti angemuva ngamaphuzu angu-6 kuCape Town City yize noma esasalelwe yimidlalo engu-6 esandleni. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...