Siyabuya lesiya sitayela esidala iPirates eyaziwa ngaso – Palacios

2016-11-06 08:49

Johannesburg – Umqeqeshi obambile u-Augusto Palacios uthi uzibonile izimpawu zokuthi siyabuya isitayela i-Orlando Pirates eyaziwa ngaso ngesikhathi beshaya iHighland Park ngo-2-1.

IPirates iwashise iLions of the North ijezi yadlala nebhola elimnandi ngesikhathi idlulela phambili kuma-semi finals eTelkom Knockout, kubika iKickOff.com.

UPalacios uthi uyazi ukuthi usemningi umsebenzi omhlalele wathi inkinga enkulu ayikho emzimbeni kubadlali, kepha isemqondweni.

OLUNYE UDABA: UPalacios uthi uzoyiqeda nya indaba yotshwala namantombazane kuPirates

Uthi uyithokozele indlela abadlali abavuke bazithatha ngayo kulandela ukuthelwa ngehlazo lika-6-1 bedlala neSuperSport United koweligi ngoLwesibili.

“Leliya goli bekungamele lisingenele, kepha ngicabanga ukuthi abafana benze kahle kakhulu,” kusho uPalacios ngemuva komdlalo.

“Kusasekuseni kakhulu, sinesikhathi esiningi ukulungisa amaphutha esiwabonile.

“Engingakusho nje ukuthi ngijabule kakhulu ngoba abanye abadlali bebedlala ngezikhwepha. Bajabule nabo ngomphumela ngoba basigcinile isithembiso abasenze kubalandeli.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...