Sishumpulwe ikhanda isichuse sikaMessi

2017-01-11 10:00

Buenos Aires  - Sicekelwe phansi sasala singenakhanda isichuse sesihlabani somdlali wase-Argentine osewine indondo yeBallon d'Or izikhathi ezinhlanu, uLionel Messi, esigamekweni okubikwa ukuthi senzeke eBuenos Aires, e-Argentine.

“Isichuse sikaLionel Messi sibe yisisulu sesenzo sokucekela phansi nesisishiye singenawo uhhafu ongasenhla,” kusho uhulumeni wedolobha laseBuenos Aires esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Umdlali usevikele isinqumo sikaLionel Messi

Lesi sichuse, nebesenziwe ngemabula emnyama, safakwa ngenyanga kaJuni ngonyaka odlule ngemuva nje kokuthi i-Argentine ihlulwe emdlalweni wamanqamu weCopa America nalapho yashaywa khona iChile, nokwalandela ngokuthi uMessi amemezele ukuthatha kwakhe umhlalaphansi ekudlaleleni iqembu lesizwe.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala - nowabuye wabuya ekuthatheni umhlalaphansi – unobudlelwano bokuthandwa futhi abuye azondwe abalandeli bebhola base-Argentine njengoba iningi labo limsola ngokuhluleka ukugila izimanga azigila eqenjini lakhe, iBarcelona, uma edlalela iqembu lesizwe. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...