Singase sibuye isithenjwa seSundowns

2017-03-10 16:01

Cape Town - IMamelodi Sundowns inethemba lokuthi isithenjwa sayo ebesilimele, uKhama Billiat, singase sibuyele enkundleni kule mpelasonto njengoba leli qembu selizoqala umkhankaso wokuvikela isicoco salo se-CAF Champions League.

ISundowns izoqala lo mkhankaso wayo wonyaka ka-2017 ngokutholana phezulu nompetha base- Uganda, iKampala Capital City Authority FC (KCCA) enkundleni yezemidlalo, iLucas Moripe Stadium, ngoLwesihlanu kusihlwa.

AmaBrazilians abesedlale imidlalo yawo eminingi yalapha ekhaya singekho isithenjwa sawo esinguBilliat. Kodwa-ke i-website yaleli qembu ibike ukuthi lo mdlali ongowokudabuka ezweni iZimbabwe angase adlale emdlalweni ne-Uganda.

OLUNYE UDABA: IChiefs igaqele uJali - Umbiko

ISundowns ithi angeke ize iyithathele phansi nakancane i-KCCA, kodwa yathi angeke ize idabule ngenxa yokushesha kwabadlali bayo okubalwa kubo yena uBilliat, uPercy Tau, kanye noThapelo Morena.

Esitatimendeni, leli qembu libhale ukuthi maningi amathuba okuthi unozinti uWayne Sandilands nguyena ozobe ehleli emapalini njengoba uMosimane engeke abeke engcupheni uDenis Onyango njengoba esanda kubuya ekulimaleni.

"Kodwa uBilliat angase abuye ukuze anikeze usizo olubalulekile obelulokhu lungekho emidlalweni emibili eyedlule ngesikhathi engekho elimele,” sifundeka kanjalo isitatimende seDowns.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...