Sineqhinga ngeZamalek - OweDowns

2016-07-12 11:31

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uThemba Zwane uthi amaBrazilians aneqhinga lokubhekana nZamelek emdlalweni olandelayo weCAF Champions League, umbiko.

ISundowns izodlala nezinkunzi zaseGhibhithe eCairo International Stadium ngeSonto emdlalweni ozoqala ngo-19:30.

Womabili amaqembu anamaphuzu amathathu kulandela ukwehlula i-Enyimba, kanti iDowns isesicongweni ku-Group B ngamagoli.

Funda nalolu daba: UKhune uthi bazimisele ngokuphendula amatafula

“Asemathathu amaqembu akhona eqoqweni lethu kanti amabili kuwona azodlulela phambili. Kumanje sinamaphuzu amathathu nokuyinto esifakela ingcindezi yokuba siwine nakanjani uma sesibhekene neZamalek,” kusho uZwane.

Uthe bayibonile imidlalo yeZamalek edlule ngakho baneqhinga elizokwenza bakwazi ukudlula kuleli qembu, kubik iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...