‘Sikhuluma ngamaqembu anezinkanyezi ze-CAF’

2017-02-11 15:28

Johannesburg – Lowo owayeyisilomo se-Orlando Pirates, u-Edward Motale, usechaze umdlalo wanamhlanje wePirates neMamelodi Sundowns “njengempi yamaqembu anenkanyezi”.

Lokhu kungenxa yokuthi womabili la maqembu athola izinkanyezi ngesikhathi ehlabana nesicoco se-CAF Champions League.

IPirates yaba yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika ukunqoba iChampions League ngo-1995, kwathi iDowns yona yahlabana nalesi sicoco ngonyaka owedlule, kubika iKickOff.com.

“Sonke siyazi ukuthi iDowns isefomini enhle kakhulu, inezinsiza kanye nabadlali abasezingeni…kanti ngakolunye uhlangothi iPirates akuyihambeli kahle.

OLUNYE UDABA: UMotsepe uthi bazohlukaniselana u-R20m abadlali be-Sundowns

“Emdlalweni wethu wokugcina nePlatinum Stars asidlalanga neze kahle,” kuqhuba uMotale.

“Umdlalo onje awudingi ukuthi ulokhu ukhuthaza abadlali, uma udlala neSundowns kumele unyuse amasokisi. Engingakusho nje ukuthi zindala zombili.

“Womabili la maqembu anenkanyezi, ngakho bonke laba abangenayo bazobe bebuke la maqembu, okusho ukuthi kuzobe kuwumdlalo omnandi.”

Lo mdlalo uyaqala njengamanje eLoftus Versveld Stadium.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...