'Sidlala ibhola elihle kodwa imiphumela 'dololo''

2017-12-15 16:01

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uthi abafana bakhe badlala ibhola elihle kule sizini kodwa imiphumela ‘dololo’.

IWits sekuphele amasonto ayisithupha ihlezi ngasemsileni, njengoba inamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-13 kuze kube manje, kanti iMamelodi Sundowns ngakolunye uhlangothi iqhwakele ngamaphuzu angu-14.

Nakuba kunjalo, uHunt unethemba lokuthi bazosuka maduzane kule ndawo abahlezi kuyona, uma nje bengaqhubeka nokwakha amathuba okumanje bayehluleka ukuwasebenzisa.

OLUNYE UDABA: UKomphela uthi luselude ukhalo ukuba sekungathiwa isimuke naso isicoco iDowns

Uthi masonto onke badlala ngokuzimisela ngoba bayazi ukuthi uma bengawina kanye bazonyukela endaweni enhle.

“Ngakho kuzomele siqhubeke nokubhukula, sihlalele ethembeni lokuthi amathuba asiwakhayo sizowasebenzisa, siwine imidlalo.

“Emidlalweni emibili eyedlule [owePolokwane City nowe-Ajax Cape Town] kwakumele siwine kahle, ngabe manje sekunombolo 8 noma ngalapho nje.

“Ngike ngasho phambilini, sidlala ibhola elihle kakhulu. Indlela esidlala ngayo iyabukeka emehlweni kodwa ayiyinhle ngasohlangothini lwemiphumela,” esho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...